INTATHELI YEZIKAQEDISIZUNGU

UTHOLE ithuba eliyingqayizivele umrepha uK1 Jaxe lokuqopha akhiphe ingoma esihloko sithi ‘Dreams’ nenkakha yomrepha uSenzo ‘Kwesta’ Vilakazi.

UK1 ogama lakhe langempela nguKatleho Mokgopa waseKatlehong uhlabane ngaleli thuba ngemva kokuphumelelela umncintiswano odonse amaviki amahlanu iRap A Verse eqoqoda emakhanda abanye abangu-1420 abebengenele lo mncintiswano. Lo mrepha uphinde wawina umklomelo wokuhamba nophathina baye lapho kuphehlwa khona ugologo iJameson, eJameson Distillery e-Ireland.

“Ukuba sestudiyo nomunye wabantu engibukela kubona kuwusuku engingasoze ngalukhohlwa futhi ngiyajabula ukuthi kwenzekile. Nokucabanga nje ngakho kungihlasimulisa umzimba,” kusho uK1.

UK1 uncome indlela uKwesta amamukele ngayo ngesikhathi befika estudiyo ukuyoqopha ingoma yabo.

“Ngemva kokuhlanza izandla zami ngesibulalimagciwane ngime ngafulathela umnyango. Uyaye uzitshele ukuthi ukulindele ukuzwa izwi likaKwesta kodwa empeleni usuke ungalindele. Ungamukele engathi sesazane iminyaka engaphezu kweshumi. Ngesikhathi ngiqopha ivesi lami bengimbona uKwesta ecula kanye nami uhlamvu nohlamvu. Bekukhona nabantu abathwebula izithombe ngalolo suku kanti ngethemba ukuthi akekho ongithwebule isithombe ngikhala,” kusho yena.

UKwesta uthe, iDreams ikhuluma naye noK1 uqobo.

“Izinhlamvu zengoma zikhuluma ngamaphupho ami noK1 Jaxe nokuthi kuthathe ini ukuze afezeke, noma kuzothatha ini njengamanje ukuthi siwathole. Zihlanganisa konke esikhulume ngakho ngaphambi kokuthi siqophe, ngakho iphume ngendlela ebekufanele iphume ngayo,” kusho uKwesta.

Le ngoma kaK1 Jaxe noKwesta i’Dreams’ isiyatholakala mahhala kwi website iJameson Irish Whiskey phakathi kuka-14 kuya ku-21 Agasti.