PHUMELELE NXUMALO
KUSHINTSHE impilo yakhe engazelele uMartin Mphelo (32) oqokwe ngumculi we-Afro Pop uLindokuhle ‘Mlindo The Vocalist’ Mgedezi ukuthi aqophe naye ingoma emtakula esitaladini.
UMartin ongowasePolokwane ubehlala esitaladini saseGoli lapho abecula khona emarenki ukuze athole amasentshana. Ngemva kokusabalala ezinkundleni zokuxhumana kwevideo yakhe eqoshwe ngomakhalekhukhwini ecula ingoma yenkakha yomculi weR&B wase-US u-Anthony Hamilton iPray For Me, unconywe kakhulu ngabantu bekhala ngesiphiwo sakhe. Kulandela lokhu, uMlindo ube esenxenxa abantu enkundleni uTwitter ukuba bamfunise uMartin ngenhloso yokuqopha naye ingoma.
“Ngicela sifune lomuntu ngidinga ukuqopha naye ingoma, nginecebo. Uma nimbona nimtshele ukuthi impilo yakhe isizoguquka. Sizomthola,” kubhala uMlindo.
Ngemva kokuthi etholiwe uMartin, uMlindo ube esefaka ivideo kuTwitter omunye wozakwakhe exoxa noMartin ebala abazomsiza ngakho naye uMartin ethembisa ukulibamba ngazo zombili leli thuba alitholile.
“Ukuzimisela kwami kuzokwedlula konke okungalungile ngami. Angeke ngisalala emgwaqweni, umgwaqo awungifanele,” kusho uMartin.
NgoJune nonyaka uMartin uke wacela usizo ngemali nangokuya ngasethunjini ekhasini lakhe likaFacebook ekhala ngokuthi isikhathi sikathaqa sense isimo sakhe saba nzima.
“Angikaze ngikwenze lokhu kodwa bafwethu lo thaqa ungephulile. Okwamanje ngihlala eMnyamandawo (okuyibhilidi elingasebenzi eHillbrow) anginamuntu, anginabangani, futhi anginayo nendlela engingangenisa ngayo imali. Ngiyazehlisa kubo bonke abafunda lokhu, uma kukhona abanakho ngiyacela bangisize nganoma yini,” kubhala uMartin.
UMlindo unconywe kakhulu ngesenzo sakhe sobuntu enkundleni uTwitter, kanti uthembise ukwenza konke okusemandleni ukuguqula impilo kaMartin.