Obengumdlali weCape Town City osedlalela iCR Belouizdad uKhanyisa Mayo uthi engakhetha iKaizer Chiefs uma kungathiwani ukhuza ibuya kwiPremier Soccer League.
UMayo ungomunye wabadlali abajwayele ukweqiwa yijezi kwiBelouizdad njengoba esakwisizini yakhe yokuqala. Kuzokhumbuleka ukuthi wajoyina leli qembu lase-Algeria kulandela ukusindwa zinyawo kweChiefs eyabekwa imali eyayifunwa yiCityzens isivumelene neBelouizdad.
Kunemibiko yokuthi uMayo akaneme ngesimo sakhe e-Algeria, okuyinto ejwayelekile uma abadlali bakuleli bekhuphukela eNorth Africa.
UMayo useqalile nokuphawula ngokubuya kwiPSL.
“Uma kungathiwani ngibuyela ekhaya, iKaizer Chiefs yiqembu engingalibeka phezulu kumaqembu engingafisa ukuwajoyina,” kusho uMayo.
“Yiqembu elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika, futhi nobaba wayeyidlalela. Nami ngizibona ngidlalela elinye lamaqembu amakhulu [eMzansi].”
Noma kunemibiko yokuthi akahlalisekile kahle, uMayo uthi ujabule ngokuba se-Algeria.
“Ngisazama ukujwayela impilo entsha, izinto zihamba kahle. Ngidinga isikhashana bese eyelandela amagoli. Kunzima ukuzinza eqenjini osanda kulijoyina.”
UMayo usaqale imidlalo emibili kuphela kwiligi, wangena izikhawu ezinye esuka ebhentshini.