Umqeqeshi okhuza ibuya okwesithathu kwiMarumo Gallants uDylan Kerr uthi ubengaxakekile ngesikhathi ethatha umsebenzi wokupheka iqembu yize ebesehlale isikhathi esilinganiselwa eminyakeni emibili engasebenzi.
UKerr washiya kwiGallants ngemuva kokuyifaka ehlathini ngesizini ka-2022/23. Lomqeqeshi uthi unqabe imisebenzi eminingi ngaphambi kokubuya kwiBahlabane Ba Ntwa.
“Nginqabe imisebenzi eyisithupha ngonyaka odlule. Bengifunwa e-East Africa naseWest Africa. Kukhona iqembu ebelingishela eNorth Africa. Bengifunwa elinye e-Asia.
“Ukuthatha lomsebenzi akusho ukuthi ngixakekile. Bengijwayele ukukhuluma noSihlalo (Abram Sello), engibuza ukuthi ngizobuya nini eqenjini.
“Bengihleli ekhaya ngingasebenzi kodwa bengingahlelile ukubuya. Angikaze ngifonele uSihlalo, ngimtshele ukuthi ngifuna ukubuya. USihlalo uyena othathe isinqumo sokungiqasha, konke kwenzeke kumahora angu-48,” kusho uKerr ekhuluma nabezindaba emcimbini obuhlelwe yiqembu eSandton ngoLwesibili.
IMarumo ikhuza ibuya kwiDStv Premiership kulandela ukuthenga isitifiketi seMoroka Swallows. Ukuqashwa kukaKerr kuyingxenye yezinhlelo ezintsha ezimenyezelwe uSello ophinde wadalula ukuthi iqembu lizothuthela eBloemfontein.
UKerr washiya kabuhlungu kwiGallants bekhishwa yiYoung Africans kuma-semifinals eCAF Confederation Cup. Lomqeqeshi, ongowokudabuka eNgilandi, waze washiya kuleliqembu engakanikezwa amaphepha ayimvume yokusebenza kuleli.
Abadlali beMarumo bagcina sebeteleka izinsuku bengafiki ejimini, bekhala ngokungakhokhelwa amabhonasi. UKerr uthi bamenzela phansi abadlali abasusa isiteleka.
“Angiyikholwa namanje into eyenzeka. Isenzo sabadlali sangiqeda umdlandla wokuqeqesha. Abadlali bangenzela phansi, namanje ngisaphoxekile ngezenzo zabo,” kusho uKerr.