Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker usezwakalise ukuneliseka ngeqembu azohloma ngalo kulesizini kulandela ukuvula isizini ngewini enhle beshaya iTS Galaxy ngo 3-1 kwiMTN8 ngeSonto.

Akukho ukuphumula kwiStellies njengoba sizobhekana neNsingini Hotspurs yaseSwatini emdlalweni weCAF Confederation Cup ngempelasonto. 

Umdlalo womlenze wokuqala uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium, owesibili usingathelwe e-Athlone Stadium ngesonto elilandelayo.

UBarker uthi ukunqoba koweMTN8 kukhombise izinga abakulo njengamanje. 

“Kuhle ukumbuleka, sibone izinga esikulo yize kukhona amahebezi aphazamisa iqembu. Sikwazile ukungena ensimini, sibuye nomphumela ogculisayo.

“Ngithemba ukuthi lomphumela uzosifakela umfutho njengoba sizodlala koweCAF Confederation Cup. Sihlalelwe omunye umdlalo we-semifinal ekupheleni kwenyanga. 

“Siyafuna ukudlulela esigabeni samaqoqo kodwa angeke sijahe. Sizobhekana neqembu eliqinile emdlalweni ozayo. Umdlalo bazowusingathela eMoses Mabhida, lokho kukhombisa ukuthi bazimisele ngokuwina. Ngithemba ukuthi sizozimisela nathi ukuze sizodlulela esigabeni samaqoqo,” kubeka uBarker ekhuluma nabezindaba.

UBarker uthi kusashoda kusayiniswe abadlali kuphela ngaphambi kokuneliseka ngesikwati asibumbile.

“Basekhona bonke abadlali ebesibathembile ngesizini edlule, ekubeni sekuzobuya no-Ibrahim Jabaar. Noma engadlalanga koweGalaxy, uJabaar uyabuyela efomini yakhe futhi ukhombisa ukusibamba isitayela seqembu. 

“Sizibona siyiqembu elingakwazi ukushubisa umbango weligi nezinkomishi. Sifuna ukuzikhandla singabadedeli abadlali bethu,” kusho uBarker.