Usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, usephinde wacela abadlali beqembu ukuthi benze konke okusemandleni ukuzama ukubuyisa injabulo eqenjini njengoba lingawini lutho.
IChiefs isiyoqeda iminyaka ewu-10 ingayazi inkomishi, ibuka abanye beziqukula ngapha nangapha. IChiefs njengamanje ikunombolo 10 kwilog yeDStv Premieship.
“Kunzima ukuyichaza lento kodwa ngicabanga ukuthi kusobala ukuthi kumele sizame ukubuyisa impumelelo ebesinayo eminyakeni edlule,” kusho uMotaung ekhuluma ne-iDiski Times.
“Njengamanje izinto azihambi kahle kodwa siyaqonda ukuthi lesi simo ngeke sihlale kanje iminyaka eyishumi. Impilo izohlale ikunikeza izingqinamba, kodwa ilokho okwenza impilo ibe mnandi. Ikunikeza izingqinamba, wena uzame ukuthola izisombululo, uqhubekele phambili.”
UMotaung unxenxe abadlali ukuthi bangakucasheli ukubhacaza kweqembu, kodwa bazame ukulungisa isimo.
“IChiefs iyiqembu elikhulu kodwa manje izinto azisafani. Isimo esikuso kumele sisigqugquzele ukuthi senze kangcono.