Isethejwa sikanozinti weBafana Bafana uRonwen Williams uthi isipiliyoni esizuzwe abadlali beMamelodi Sundowns kumqhudelwano we-African Football League (AFL) sizosiza iqembu lesizwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

ISundowns ishaye iWydad Casablanca, yanqoba i-AFL ebiqala ukusingathwa kulonyaka. 

IBafana izovula indlela ebheke ku-2026   ngomdlalo neBenin ozobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. 

“Sifunde okuningi kwi-AFL. Kunzima ukudlala ezinsukwini ezine ekubeni ungaphumuli. Kufanele ujwayele ngokomqondo ngoba kunokhalo olude oluhanjwayo emidlalweni yasekuhambeni. Kuyisipiliyoni esisithole ezinyangeni ezedlule, ekhona noPercy (Tau). 

Siyazama ukuchazelana ngezimo esibhekana nazo ngoba kuzosishubela uma sesidlala ekuhambeni. Kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi siyaphumula ngokwanele,” kuchaza uWilliams ekhuluma nabezindaba. 

IBafana isazodlala neRwanda, Nigeria, Zimbabwe neLesotho okungamaqembu abakleliswe nawo kuGroup C. INingizimu Afrika izobhekana neRwanda ngoLwesibili. 

UWilliams uthi uyavumelana nomqeqeshi uHugo Broos odabeni lokuphumuza abadlali. Udalule nokuthi akudingeki bakhononde kakhulu ngokukhathala ngoba bayakuholela ukudlala ibhola. 

“Kubalulekile ukuphumula ngoba sidlale imidlalo eminingi. Asingakhohlwa ukulambela imidlalo ngoba siyasebenza uma sisenkundleni. Akudingeki sibeke izaba, kunalokho kufuneka siqine ngokomqondo,” kusho uWilliams.