Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola usole abadlali bakhe ngokuzithambisa yize bebuye sekuvalwe amehlo beshaya iCrystal Palace ngo 4-2 kwiPremier League izolo.

U-Erling Haaland ushaye amagoli amathathu esiwombeni sesibili, esiza iCity ibuya kulomdlalo njengoba kuyiwe ekhefini ngemuva ngo 2-0 e-Etihad Stadium.

UGuardiola uncome uHaaland kodwa wakhalaza ngemidlalo lapho sebejwayele ukulandela ngemuva ngaphambi kokuyinqoba.

“Kufanele sidlale kangcono, sithambile kwezinye izindawo. Kunezindawo okufanele siqinise kuzona. IPremier League iqinile kakhulu. Kunzima uma uzolinda,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nabeSky Sports.

UHaaland ubeqala ukushaya amagoli phambi kwabalandeli beCity  e-Etihad.

Lomgadli (22) washaya igoli elilodwa bebhekene neWest Ham United, Nak omunye umdlalo weNewcastle United.

“Kubalulekile ukuthi uHaaland ashaye amagoli. Uyakwazi ukubona izikhala azolinda kuzona. Igoli lesithathu belidinga aqine ukuze ezokhahlela kahle.

Isikhala sivuleke uma kukhona abadlali abaqhela endleleni. Kufanele ulinde, ubheke abadlali abagijimayo, lokho kumnikeza isikhala,” kubeka lomqeqeshi.

UHaaland ungumdlali wesine emlandweni wePremier League oseshaye amagoli ayisithupha kwiligi ngemuva kwemidlalo emine. Ulandela uMick Quinn, Sergio Aguero noDiego Costa.