Siyanda isibalo sabaholi abagxeka ukuboshwa kommeli wabasolwa abane ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Malesela Teffo.

NgoLwesibili iNhloko yamajaji kuleli uJaji Raymond Zondo igxeke indlela okuboshwe ngayo uTeffo enkantolo eNkulu eTshwane wathi sasingekho isidingo sokuthi aboshelwe enkantolo. 

“Angisiboni isizathu esasinqanda iSAPS ekulindeni u-Advocate Teffo ukuthi aphume enkantolo. Incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ikhishwe ezinyangeni ezimbili ezedlule, ukuphuma kwakhe enkantolo kwakungeke kwenze mehluko,” kusho uZondo. 

“U-Advocate Teffo wayengeke alale enkantolo. Indlela aboshwa ngayo ngaphakathi kwenkantolo nendlela okwaboshwa ngayo umsebenzi wezomthetho kwadicelela isithunzi senkantolo nezobulungiswa kuleli.” 

UZondo uqhube waveza ukuthi umthetho wakuleli ukubeka kucace ukuthi kumele zivikelwe izinkantolo zakuleli nokusebenza kwazo. 

NgoLwesihlanu u-Adv Teffo udedelwe ngebheyili kaR10 000 ecaleni abhekene nalo, uzobuyela enkantolo ngoMay 27 nonyaka. Abameli asebenzisana nabo bathe ukuboshwa kwakhe ngeke kuphazamise ukuqhubeka kokuqulwa kwecala likaMeyiwa. 

Ngaphandle kukaZondo, i-EFF, isigungu esengamele abameli nezinye izinhlangano zobulungiswa kuleli bakugxekile ukuboshwa kukaTeffo bathi kufanele kuphenywe. Ungqomgqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele naye wathi uzocela incazelo kuKhomishana wamaPhoyisa kuleli ngendlela okwaboshwa ngayo uTeffo.