Kushone abane izimoto zitholana phezulu emgaqweni uN2 KwaMbonambi namhlanje ekuseni. 

Okhulumela iKZN Emergency medical services uMnuz Robert McKenzie uthe lenhlekelele yenzeke ngabo 07:20 ekuseni kwisifunda iKing Cetshwayo. 

“Kushone abesilisa abathathu noyedwa wesifazane. Abezimo eziphuthumayo balekelele ababili abalimele ngaphambi kokuthi babadlulisele ezibhedlela eziseduze,” kusho uMckenzie. 

Uqhube wathi amaphoyisa ayaphenya ngokudale ingozi.

“Imbangela yalengozi ayaziwa, kodwa umgwaqo uN2 usuvukile,” kulandisa uMckenzie

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uLietenant Colonel Gwala usiqinisekisile isigameko.