UMengameli weSouth African Football Association (SAFA) uDr. Danny Jordaan usethembise ukuthi umqeqeshi uHugo Broos uzoqhubeka nokuhola iqembu. 

UJordaan ubekhuluma kwinkomfa nabezindaba ebibanjelwe esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo ngoLwesithathu. 

UBroos usize iBafana yabuya nendondo yethusi kwi-AFCON ebisingathwe e-Ivory Coast. INingizimu Afrika yahlulwa yiNigeria sekukhahlelwa amaphenathi kwi-semifinal. 

Naye uBroos (71) useke wakubeka obala ukuthi akaziboni eshiya kwiBafana njengoba kusekhona imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026.

“UBroos unesibindi, akayibalekeli impi. Ubelokhu ekholwa ukuthi ubumba iqembu elizonqoba kwi-AFCON. Sizoqhubeka nokusebenza naye, ngiyambonga ngokuzikhandla kwakhe. Kusekhona indlela okufanele siyihambe noBroos,” 

Iqembu elidlale kwi-AFCON likhandwe uBroos. Ngiyambonga ngokuthi uqhubekile eqenjini ngoba ebona ukuthi engayiwina i-AFCON. 

Siyawabona amagalelo akhe nomsebenzi awenzele iqembu. Sizoqhubeka nokusebenza ndawonye, kusafanele siqedele eminye imisebenzi,” kuchaza uBroos. 

UJordaan ubongele nonozinti uRonwen Williams oqokwe esikimini esivelele kulomqhudelwano wango-2024. 

“UWilliams uqokwe esikimini sabadlali abashaye into ecokeme kulomqhudelwano futhi engukapteni. 

Kufanele simjabulele ngoba usiqophele umlando. Akekho unozinti oseke wavimba amaphenathi amane ngaphambilini. Akekho owayekholwa ngesikhathi uWilliams evimba amaphenathi,” kuchaza uJordaan. 

UWilliams wancamisa iCape Verde sekukhahlelwa amaphenathi kwiquarterfinal eyivimbela amaphenathi amane. 

Lonozinti waphinde watakula iBafana emdlalweni wombango wendawo yesithathu evimba amaphenathi amabili. 

UJordaan unqabile ukudalula indaba yamabhonasi okufanele atholwe abadlali. 

“Anginalo ulwazi, ngisalindele umyalezo weCAF. Abadlali bayazi ngalokho esivumelene ngakho, ungabuza bona. Kulele kubo uma befuna ukunichazela ngamabhonasi. Ngiyavuma ukuthi kufanele bahlomule abadlali ngomsebenzi omuhle abawenzile,” kuchaza uJordaan.