Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson uthi ufuna ukubona abadlali bakhe bekhuphula amasokisi emdlalweni ezayo ngoba amaqembu ePSL asebenzisa izangoma uma ezobhekana nabo.
UJohnson akacacisanga ukuthi kungani bengaziqasheli nabo ezabo izangoma, uma bengenazo, kodwa waveza ukuthi wonke amaqembu adlala neChiefs akhuphula izinga futhi ayazimisela ngoba esuke efuna ukuqinisekisa ukuthi ayayiphoxa.
Ngemuva komdlalo weChiefs wangempelasonto uJohnson ucashunwe esola amaqembu eDStv Premiership ngokusebenzisana nenqwaba yezangoma ngaphambi kokubhekana naMakhosi asephenduke inhlekisa ebholeni lakuleli.
Ekhuluma ngemuva kwe-draw neMoroka Swallows, obekungeyesithathu imidlalo ilandelana, uJohnson usole amaqembu ePSL ngokuzimisela ngokweqile uma ezobhekana neChiefs.
“Siyazi sonke ukuthi onke amaqembu abhekana nathi adlala nathi sengathi umdlalo wamanqamu. Noma ubani odlala neChiefs, hhayi manje kuphela kodwa eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, ufuna ukwenza isiqiniseko.
“Esikhundleni sokuya esangomeni esisodwa, baya ezangomeni ezinhlanu,” kusho lo mqeqeshi.
UJohnson uthi ufuna ukubona abadlala bakhe bezimisela nabo ukuze bezokwazi ukunqoba imidlalo.
IChiefs izobhekana neGolden Arrows esishaywe imidlalo eyishumi kulandelana namhlanje, abaningi bathi izovuka ngayo.