Umgadli weKaizer Chiefs, uWandile ‘Kellogs’ Duba, oshaye igoli lakhe lokuqala kwiligi bebhekene neGolden Arrows izolo uthi ‘abamlindele, uyeza’ kubadlali be-Orlando Pirates ngaphambi kweSoweto Derby engoMgqibelo.

UDuba uvalele ingcwenga yegoli ngomzuzu ka-11 engaphandle kwebhokisi. Ngaphandle kwegoli, uDuba ube nomdlalo omuhle enza okuhlula abagadli abadala kwiChiefs; ukubamba ibhola.

“Ngaphambi komdlalo abaqeqeshi bangazisile ukuthi uma ngikholwa ngizolishaya igoli namhlanje (izolo) ngoba sekunesikhathi ngizikhandla uma siziqeqesha.”

Ebuzwa ngegoli lakhe lo mdlali ubeke kanje: “ngibuke uFoden kwiManchester Derby. Nibonile wenzenjani, ungene washaya inethi. Nami ngithe Kellogs shaya le nto ekhoneni, ngeke afike.”

Noma ephume elimele izolo uthe uzobe esewumqemane ngoMgqibelo.