Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola kuYouTube, uJnr Khanye, uvume ibhola elidlalwe Amakhosi eshaya iStellenbosch ngeSonto ntambama.

IChiefs inqobe lo mdlalo ngo 3-1 gamaphenathi amathathu avalelwe wuBonfils-Caleb Bimenyimana. Ekhuluma ngemuva komdlalo uKhanye uncome indlela iChiefs edlale ngayo incisha abadlali beStellies abayingozi ibhola.

“Uma ushaya iStellies ngo 3-1 kusho ukuthi iqembu lakho belidlala kahle. Ababanikanga isikhala sokudlala. Isikhathi esiningi iStellies siyawuphatha umdlalo esiswini. UVan Wyk noMendieta bebengekho emdlalweni ngoba babavale kahle. UMaart udlale kahle kakhu,” kusho uKhanye.

“Badlale njengeChiefs engiyaziyo, noma bengakafiki kulelo zinga, kodwa badlale kahle. Bengiqala ukubona ibhola lisuka emuva liya esiswini, lisuke esiswini liye phambili. UBlom ube nomdlalo omuhle,”

UKhanye uthe u-Ashley Du Preez kumele ayeke ukudlala ngovalo. Uthe ukube unokuzethemba iChiefs ibingawavalela amagoli ayisithupha kulo mdlalo.

Ngaphambi komdlalo uKhanye ubethe iChiefs ngeke ilibone elidlalayo kulo mdlalo futhi izodliwa.

“Bengiqala ukubona iChiefs iphethe umdlalo ngale ndlela. Ngagcin ngezikhathi zikaTed Dumitru. Kodwa sicela ukubona beqhubeka nalo mgqigqo,” kusho uKhanye.