Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane wenelisekile ngakubone kubadlali bakhe beshaya iStellenbosch FC ngo 3-1 kumdlalo weDStv Premiership ngeSonto ntambama.

IChiefs inqobe umdlalo okwesithathu kulandelana okuyibeke kunombolo 4 kwi-log. Kulo mdlalo Amakhosi athole amaphenathi amathathu, onke avalelwa uBonfils-Caleb Bimenyiman. Bekungokokuqala umdlali evalela ihat-trick yama-phenathi emlandweni wePSL.

“Yingcindezi ebesibafake ngaphansi kwayo edale ukuthi sithole amaphenathi. Esiwombeni sokuqala, emzuzwini ewu-13 sakhe amathuba amane amahle okukora,” kuchaza uZwane.

“Besingathola amagoli amane ngaphambi kwephutha esilenzile. Besazi ukuthi bazogcina bevulekile emuva uma sibacindeza. Abantu bazothi amaphenathi amathathu kodwa sidlaliswe kabi ebhokisini kathathu, kodwa ziningi ezinye izimo ebesingakora kuzo,” usho kanje.

UZwane uthe ukhiphe uCaleb njengendlela yokugwema ukuthi athole ikhadi lesibili eliphuzi ngoba usazomdinga emdlalweni ezayo.

“Ngijabule ngokuthi uyakora. Hhayi yena kuphela. Benginethemba lokuthi u-Ash (Ashley Du Preez) naye uzokora ngoba udinga igoli elilodwa nje bese kuyabuya ukuzethemba kuyena. Ngijabule ukuthi siyawavalela amagoli.”