Owayengumdlali weManchester United neNottingham Forest, uJesse Lingard, kubikwa ukuthi usezicelele ukusayiniswa yiFC Barcelona mahhala.

Lo mdlali osekunezinyanga ethungatha umsebenzi, uziqeqesha yedwa njengamanje kulandela ukubhinjelwa yizinhlelo eSaudi Arabia. ULingard bekulindeleke ukuthi ajoyine i-Al Ettifaq edlala kwiSaudi Pro Leagu ngemuva kokuziqeqesha nayo kodwa kwangalunga.

Ngokombiko wephephandaba elihlonishwayo eSpain, iSPORT, uLingard usegcine ezicelele umsebenzi kwiBarcelona athe ingamsayinisa mahhala.

Ngokombiko, lo mdlali uzibona engayisiza ngasezimalini iBarcelona futhi uzibona ewumdlali ongalithuba lokuziveza esikwatini sikaXavi Hernandez.

Okwamanje akukacaci ngokuthi uzosayina naliphi iqembu lo mdlali kodwa abaningi balindele ukuthi kwenzeke kule nyanga.