Isethenjwa seBafana Bafana uPercy Tau sithi ukuxazululwa kwenkinga yamabhonasi kuzokwehlisa umthwalo emahlombe abadlali njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kuqale i-Africa Cup of Nations (AFCON).
IBafana neSAFA bafinyelele kwisivumelwano ngeSonto kulandela isikhathi esiyizinyanga kudingidwa indaba yamabhonasi.
Ukulungiswa kwesivumelwano samabhonasi kuqinisekiswe uMengameli weSAFA uDanny Jordaan.
“Siyajabula ngoba sekulungiswe konke. Bekungeyona inkinga yemali kuphela. Bekukhona nezinye izingqinamba ebezidinga ukulungiswa. Siyajabula ngokulungiswa kwezinkinga zethu, sesifuna ukuqedela umsebenzi enkundleni,” kuchaza uTau ekhuluma ne-website yeSAFA.
UTau uthi indaba yamabhonasi izolandela ngemuva ngoba banenhloso yokubuya nenkomishi e-Ivory Coast.
“Kunzima ukujabulisa abalandeli. Siyazikhandla ngenhloso yokufaka ukushisa kulomqhudelwano.
Sasinombandela wokuqhudelana namaqembu amakhulu kwi-AFCON eyayibanjelwe e-Egypt. Sasifuna ukuyinqoba i-AFCON, namanje akukho okushintshile.
Abalandeli banemicabango engafani ngeqembu ngesizathu sokuthi sahluleka ukungena kwi-AFCON edlule. Siyakuqonda ukungajabuli kwabalandeli kodwa sifuna ukubuya nayo lendebe,” kuchaza uTau.
UTau uyisethenjwa kwiBafana kwazise usanda kuhlabana ngomklomelo womdlali ovelele kwimiqhudelwano yeCAF.