UMike Makaab, oyimenenja ka-Andile Jali, usekuqinisekisile ukuthi lenjini izobonakala eqenjini elisha kwiDStv Premiership ngesizini ka-2024/25.
UJali (34) ubejika nelanga ekhaya kusukela achithwa yiMoroka Swallows maphakathi nesizini ka-2023/24 ngenxa yezinkinga zezimali ezihlasele leliqembu.
Lomdlali wayekade ededelwe yiMamelodi Sundowns ngesizini ka-2022/23, ayekade eyisize iqukula isicoco seligi amasizini amahlanu kulandelana.
UMakaab uthi sekusondele baqinsekise iqembu elisha likaJali.
“Sekusele kancane siqinisekise iqembu lakhe elisha. Angeke ngilidalule iqembu kodwa indaba yakhe izolunga ezinsukwini eziyisikhombisa noma ezilishumi.
“Izingxoxo ziyela emaphethelweni phakathi kweqembu kanye noJali. Uzoqhubeka nokudlala kwiDStv Premiership, angeke ngigonyuluke ngesifundazwe,” kubeka uMakaab ekhuluma kwiGagasi FM.
UMakaab ukholwa ukuthi uJali usengakwazi ukutakula noma yiliphi iqembu kwiDStv Premiership ngoba uvuthiwe emqondweni.
“U-AJ uyazimisela ngento ayenzayo, uzobuyela emzimbeni ofanele. Uzofika nomkhulu umehluko lapho azosayina khona kulesizini. U-AJ ungumdlali onokhakhayi oqinile, uyasiza kakhulu eqenjini, anginandaba ukuthi abantu bathini ngaye.
“Angisoze ngakhohlwa amazwi kaManqoba (Mngqithi) ngesikhathi sikhuluma ngo-AJ noPitso (Mosimane). UJali uyisosha elingasabi ukuziveza uma izinto zilukhuni, ikakhulukazi emidlalweni emikhulu nase-Afrika.
“Bangichazela ukuthi u-AJ ungumdlali ongathembela kuye uma isimo sinzima. Akukho okushintshile uma uqhathanisa neminyaka emihlanu edlule. Isekhona intshisekelo yokufuna ukunqoba ngaphakathi kuye,” kuchaza uMakaab.