Kuphezulu ukuzethemba kumqeqeshi weRichards Bay uVusumuzi Vilakazi osebona kungekho okungabaphazamisa endleleni yabo ebuyela kwiDStv Premiership ngesizini ka-2024/25.

EzikaVilakazi zibambane ne-University of Pretoria ngo 1-1 emdlalweni wamaPSL Promotional Playoffs eTuks Stadium ngoMgqibelo, okuwumphumela obabeke phambili emjahweni weDStv Premiership.

IBay, engayazi induku selokhu kuqale amaPlayOffs, isiqoqe amaphuzu amahlanu ngemuva kwemidlalo emithathu. AmaTuks nawo aseqoqe amaphuzu amane kodwa alandela ngemuva kwiBay. 

UVilakazi uthi angeke bashayelwe ekhaya uma sebetholana neBaroka emdlalweni wokugcina kumaPlayOffs ngoLwesithathu.

UKanu ukhulume eqhosha kwazise umbonile umqeqeshi weBaroka uMorgan Mammila ebukela kanye nabalandeli.

“UMammila uzobhekana nomqansa ngoba sizowusingatha umdlalo. Asikaze sihlulwe, angeke siqale ukuthola induku uma sesibhekene neBaroka ekhaya.

“Bahlulekile ukusishaya ekuhambeni, angeke sibavumele ukuthi basifake uswazi ekhaya lethu. Umdlalo uzosinda ngoba iBaroka isenalo ithemba. Kufanele bashaye amagoli amathathu ukuze bezodla umhlanganiso wokubuyela kwiPSL, angeke sikuvumele lokho,” kuchaza uVilakazi ecashunwa abeSuperSport TV.

INatal Rich Boys idinga iphuzu elilodwa noma amathathu ukuze izobuyela kwiDStv Premiership ngesizini ka-2024/25. 

IBaroka ingakwazi ukubuya esigabeni esiphezulu uma inganqoba ngamagoli amabili kuya phezulu. AmaTuks nawo anethuba lokudla umhlanganiso kumaPlayoffs kodwa kufanele amincele ukuthi iBaroka iwine ngegoli elilodwa.