Umqeqeshi weSupersport United usevume into ephekwa wuJose Riveiro kwi-Orlando Pirates kulandela umdlalo wabo ophele ngo 0-0 ngesonto.

Bekuwumdlalo wesine iSupersport ihluleka ukubuya namaphuzu aphelele kule sizini. Kulo mdlalo ishayele ipali lePirates izikhawu ezine kodwa alikho ibhola elibe yingozi ku-Richard Ofori. Ekhuluma ngemuva komdlalo uHunt uthe iBucs itheze kahle ngaphambi kokuqala kwale sizini.

“Bebewuphethe umdlalo, basayinise kahle futhi bahlanganise iskwati esihle. Ilona qembu engingathi lisondele kwiSundowns, angikungabazi nakancane lokho. Angiboni ukuthi likhona elinye iqembu, nali iqembu elizobabangela ukushisa,” kusho uHunt ngemuva komdlalo eLucas Moripe Stadium.

UHunt uthe benze konke okusemandleni ukumelana nendlela iPirates edlala ngayo kodwa uma uqhathinisa umdlali ngomdlali, ‘bekungekho lula’.

UHunt, oke wapheka iKaizer Chiefs waxoshwa ingakapheli isizini, akakanqobi kule sizini emdlalweni emine.

ISupersport izobhekana neqembu elifike kwezwakala kwiPremiership kule sizini, iRichardsbay FC