Umdlali waMaZulu osefomini uKeagan Buchanan akanandaba nenkundla abazodlala kuyo uma sebetholana nomkhaya babo iGolden Arrows ngoLwesithathu.

Lamaqembu azotholana ePrincess Magogo Stadium emdlalweni weDSTV Premiership. Umdlalo uzoqala ngehora lesikhombisa.

AmaZulu adedela induku kuphela uma ekuthole eMabhida kulesizini. Ahlule iSuperSport United kanye neCape Town City emidlalweni eyedlule.

UBuchanan ubona bezosiza isipiliyoni sabo seCAF Champions League uma sebedlala ePrincess Magogo Stadium. Ubona abalandeli bezophuma ngobuningi bezobukela umdlalo.

“Kufanele sijwayele ukudlala kuzona zonke izinkundla. Isipiliyoni esasithola kwiCAF Champions League ngesizini edlule sizosiza kakhulu uma sidlala ezinkundleni ezingekho ezingeni leMoses Mabhida.

Okuhle nje ukuthi abalandeli bethu bezophuma ngobuningi. Ukudlala ePrincess Magogo kuyasigqugquzela, kusinikeza ithuba lokuthi sijabulise abalandeli bethu. Ngibona bezogcwala abalandeli bethu,” kubeka uBuchanan.

AmaZulu a sefomini enhle kwiDSTV Premiership njengoba engayazi induku kulesizini. Ahleli esicongweni seligi ngamaphuzu alishumi emidlalweni emine.

Abafana Bes’thende badonsa kanzima njengoba bemgakaze bawine emidlalweni yabo emine.

UBuchanan uthi ukungafani kwefomu yamaqembu womabili kuzokwenza umdlalo ushube kakhulu.

“Siyiqale kahle isizini, bona baqale ngebatha, lokho kwenza umdlalo ube nzima ngakithi. Angeke sibabukele phansi ngoba siyabazi ubungozi be-Arrows. Kufanele siqhubeke nomgqigqo wethu.

Iligi isanda kuqala, abantu bayakhuluma ukuthi siqhwakele kwiligi. Sijabule ngalokho kodwa sifuna ukuzehlisa, singaphaphi kakhulu. Sizothatha umdlalo ngamunye,” kubeka lomdlali.