Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, uncome uPatrick Maswangwanyi ngokushintsha umdlalo waMatsatsantsa enqoba ngo 1-0 ebhekene neCape Town City izolo.

ISuperSport inqobe ngegoli elivalelwe wuBradley Grobler osenamagoli ayisikhombisa kule sizini. Uvalele igoli ngemuva kwebhola elihle elifakwe wuMaswangwanyi ebhokisini ngomzuzu ka-82.

“Ngicabanga ukuthi sakhe amathuba amahle emdlalweni. Besiqinile ngisho singaliphethe ibhola. UPatrick uwushintshile umdlalo, udlale kakhulu. Uma ephethe ibhola uyakuveza ukuthi umnandi kangakanani,” kuchaza uHunt ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Uma ubuka umdlali onjengaye uvele uzibuze ukuthi ubekuphi sonke lesi sikhathi?

“Ebholeni laseNingizimu Afrika abadlalai abanjengaye bayaduka baqhumuke sebeno-24/25. Ubekuphi esana-16/17? Kuyadabukisa ngoba yinto esibhekene nayo le, kumele ngabe unemidlalo eko-200 kwiPSL uPatrick.”

UMaswangwanyi (24) useshaye ama-assist amathathu emdlalweni eyisithupha kule sizini.

ISuperSport, esele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns izobhekana neGolden Arrows ngoMgqibelo ngo-15:30.