Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, uhambe ephoxekile ‘ngenqwaba’ yamathuba abawayekile emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns. ISundowns ibuyele esicongweni seDStv Premiership ngemuva kokushaya omkhaya ngo 2-0. Amagoli avalelwe wuPeter Shalulile noLucas Ribeiro Costa.

UHunt uthi indlela abakhe ngayo amathuba kulo mdlalo uShandre Campbell (18) ubengashaya ihat-trick noma engene esiwombeni sesibili.

“Sakhe amathuba amaningi okukora kunabo. Igoli lokuqala balithole ngenxa yephutha lethu…ngaphambi kwalo bebengakamshayeli unozinti wethu, kuyaphoxa” kusho uHunt ngemuva komdlalo engxoxweni neSuperSport TV.

“Kumele sizishayele ihlombe izingane, zidlale kahle. Ziyazimisela kodwa izinga liphezulu….besingawunqoba kodwa lo mdlalo. Ukube sivale kahle nje emuva.”

ISuperSport izohlaba ikhefu elincane kwiPSL njengoba izobhekana ne-USM Alger emdlalweni weCAF Confederations Cup ngeSonto ngo-3 ntambama, bese ilandela ngomdlalo ne-Al Hilal Benghazi ngo-December 10.