Umqeqeshi weManchestr United usole amaphutha nokuvuza kodonga lwasemuva ngomphumela abawuthole emdlalweni wabo neGalatasaray ngoLwesithathu ebusuku.
I-United isengcupheni yokuphuma kwiChampions League ngemuva kokubambana neGalatasaray ngo 3-3. Ibidinga ukunqoba ukuze ikhuphukele kunombolo 2. IDraw iyibibeke kunombolo 4 kuGroup A, inamaphuzu amane, idinga ukushaya iBayern emdlalweni wokugcina nokuthi iCopenhagen neGalatasaray badlale idraw ukuze idlulele kwi-knockout round.

Emdlalweni wayizolo i-United iqale yahamba phambili ngo 2-0, yase yahamba phambili ngo 3-1 kodwa umdlalo ugcine uphele ngo 3-3, okubasele uTen Hag.
“Bekumele siwunqobe lo mdlalo. Kwenzeke okufanayo nakweminye imidlalo; ngesikhathi sidlala ekhaya neGalatasaray, ekuhambeni neCopengagen…sadlala kahle.
“Kumele ngibancome ngiphinde ngibagxeke abadlalali. Angigcini ngokugxeka bona kuphela, nathi kumele sizinuke amakhwapha njengabaqeqeshi. Asivali kahle emuva. Akumele ngabe singenelwa amagoli angenile sihamba phambili ngo 3-1.”
UTen Hag uqhube wathi kuzomele bavuke bazithathe, bafunde amaphutheni abo ngoba ugculisekile ngendlela abadlale ngayo. Uthe uyazazi izinto okumele azilungise.
“Nginesiqiniseko sokuthi sizophumelela ngokuhamba kwesikhathi. Uma sifuna ukuhlala kwiChampions League kumele sinqobe umdlalo olandelayo.”
I-United izobhekana neNewcastle emdlalweni wePremier League ngoMgqibelo.