Uhleka yedwa umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt osezovunyelwa ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeCAF Confederation Cup kulesizini. 

AmaTsatsantsa azovula isigaba samaqoqo ngomdlalo neFuture SC yase-Egypt ngomhlaka 26 kuNovemba ekuhambeni. 

UHunt uqale ukufunda iziqu zeCAF A License eSAFA House ngoMsombuluko. Ukufunda kukaHunt kumenza avunyelwe ukuhlala ebhentshini. 

Abaqeqeshi abangenazo iziqu zeCAF A abavumelekile ukubeka imicondo ebhentshini uma kudlalwa iCAF Champions League noma iConfederation Cup. 

“Umthetho uyakuvumela ukuthi uhlale ebhentshini uma sewuqale ukufundela iziqu. Sitshelwe kanjalo nÄ£abeSAFA. 

Sizolibangisa eGibhithe ngoLwesine, kunzima ngoba sibhekene nomqansa wokudlala ezindaweni ezingamabanga akude. Kuwumsebenzi wethu ukuzibandakanya ebholeni,” kuchaza uHunt ekhuluma nabezindaba eSAFA House. 

UMqondisi weSAFA uWalter Steenbok ukuqinisekisile ukuthi uHunt usezovunyelwa ukuhlala ebhentshini kusukela ngesonto elizayo. 

“Yizindaba ezinhle kuGavin ngoba i-system yeCAF iyakubhalisa uma usuqalile ukufunda. Usengakwazi ukuhlala ebhentshini. 

Kubalulekile ukunikeza abaqeqeshi amathuba okufunda. Okunye okubalulekile ukuxuba abadlali asebaliyeka ibhola nabaqeqeshi abasakhula emkhakheni webhola,” kubeka uSteenbok. 

UHunt uthi liyamjabulisa ithuba lokufundela ezinye iziqu futhi uzoqhubeka nokuhlinzeka ngolwazi uma ithuba lisekhona. 

“Sizophucuka singabaqeqeshi uma sizokwazi ukufunda iziqu kusukela ekuqaleni. 

Ngizoqhubeka nokufunda uma kuvela amanye amathuba. Ibhola liyashintsha manje. Kuningi okwenzakalayo ngaphandle kwasenkundleni, kuningi esingakufunda kwabanye abaqeqeshi,” kuchaza uHunt.