Sekunesikhathi eside izinkakha zaseSpain, iReal Madrid, zizama ukusayinisa umgadli waseFrance uKylian Mbappe.

UMbappe usezakhele udumo ebholeni selokhu athengwa yiqembu lase France iPSG ngemali elinganiselwa ku-$194 Million, waqede waqukula iNdebe yoMhlaba bemele izwe lase France. 

Yilapho ezaqala khona ukubikwa izindaba zokuthi lo mdlali usegaqelwe yizinkakha zaseSpain iReal Madrid. IMadrid yenza imizamo yokuthola uMbappe, kodwa-ke wakhetha ukwelula inkontileka yakhe kwiPSG ngo2022. Kunemibiko yokuthi lesi senzo sazithukuthelisa kakhulu izikhulu zeReal Madrid, zaphinde zadumala ngoba kuthiwa basebevumelene ngasese noMbappe ukuthi uzojoyina iLos Blancos ngawo unyaka ka2022. Muva nje, iphephandaba laseSpain iCedena Ser, isibike ukuthi izikhulu zeReal Madrid sezikhethe ukuyeka ukuzama ukusayinisa lo mdlali, sebebuka abanye abadlali.

Lo mbiko uvela emva kokufika komdlali omusha eMadrid, uJude Bellingham, ofike wamangaza abaningi ngamagoli asewashayile kanye nokubaluleka kwawo. UBellingham uhamba phambili kwi La Liga ngamagoli okwamanje, njengoba eseshaye amagoli awu-10 emidlalweni engu-13, okubalwa kuwo namagoli amabili awashaya behlula iBarcelona ngo-2-1 kwi El Classico.

Lokhu kungenza noma imuphi umqeqeshi azibuze ukuthi ngabe sisekhona yini isidingo sokukhipha izindodla zemali ukuletha uMbappe eSantiago Bernebeu.

Okunye okungacabangisa umqeqeshi kaningi ngokuletha uMbappe kungaba wukuthi iMadrid isinayo i-winger egijima ophikweni lesinxele futhi esebenzisa unyawo lwesokudla, uVinicius Jr. Lesi sphekepheke saseBrazil sesifomile sinozakwabo waseBrazil uRodrigo Goes, njengoba kusalimele uJude Bellingham. Baze bakora amagoli amabili ngamunye emdlalweni odlule, beshaya iValencia.

Owami umbono bekungaba ukuthi iMadrid imuyeke uMbappe ngoba idinga olunye uhlobo lo mdlali manje, umgadli ozohlala ebhokisini abhekane nokukora amagoli. Abagadli abambalwa balolu hlobo ebingabathola kungabalwa oVictor Osimhen noVictor Boniface baseNigeria, Dusan Vlahovic wase Serbia, kanye no-Erling Haaland we-Manchester City okubonakala ngathi engaheheka emva kweminyaka emibalwa.