Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi yisimo sokungabibikho kwabadlali esimphoqe ukuthi adlalise uThamsanqa Gabuza emuva emdlalweni wabo neDondol Stars koweNedbank Cup izolo.

ISuperSport igcine idliwe ngo 2-1 kulo mdlalo iDondol Stars iyijikela njengotshwala esiswini esiwombeni sesibili eLucas Moripe Stadium.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uHunt ubongele iStars ngokunqoba, wakhala ngenqwaba yamathuba abawayekile.

“Kumdlalo we-cup kumele uwathathe amathuba owakhayo. Sakhe amathuba anele ukuthi sinqobe kodwa akwenzekanga. Kumele ngiyishayele ihlombe iStars ngoba abadlali bayo babekezelile emdlalweni bathola amagoli,” kuchaza uHunt.

Ebuzwa ngoGabuza uphendule kanje: “Iseyinde isizini, kunabadlali abangekho ngenxa yokulimala njengoTyson. Kodwa ke angifuni ukuvika ngalokho, abadlali abebesenkundleni basezingeni eliphezulu futhi bekufanele bawunqobe umdlalo.”

Uthe uma engabhekana nesimo esifanayo ngokuzayo uzophinde amdlalise uGabuza emuva.

ISuperSport izobhekana neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership ngesonto elizayo ngoMgiqbelo.