Umqeqeshi weDondol Stars uVincent Rammoni uthi uyalele abadlali bakhe ukuthi bayigijimise iSuperSport United esiwombeni sesibili ngesikhathi beyishaya ngo 2-1 kumdlalo weNedbank Cup.

Amatsatsantsa akore kuqala kulo mdlalo uSiyabonga Nhlapo evalela igoli ngomzuzu ka-18 esiwombeni sokuqala kodwa iDondol Stars ibuye ngamandla esiwombeni sesibili ivalela amagoli amabili.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRammoni uveze ukuthi abadlali bakhe bebenovalo esiwombeni sokuqala kodwa kwakhula ukuzethemba ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.

“Ngibatshelile ukuthi abehlise umoya ngoba bebenovalo. Ngithe asibagijimise kancane sifake isivinini kwindlela esidlala ngayo. Sifake abadlali ababili abakwazi ukwakha amathuba ngoba sibonile esiwombeni sokuqala ukuthi iSuperSport ibiyingozi kuma-set piece.

“Sithe asibeke umdlalo phansi lidle utshani kudlalwe ibhola, sikhulise nokuzethemba kwabadlali okuyinto esiyenzile ngokufaka abadlali ababili abasishintshele umdlalo,” kusho uRammoni.