UMiguel Timm ukholwa ukuthi abadlali kufanele bayamukele ingcindezi yokudlalela i-Orlando Pirates, kunokuthi bavike ngokusinda kwejezi.

UTimm usayibambe ngakho kwiBucs kusukela eqalile ukuthola isikimu njengoba engabonakali uGoodman Mosele.

Uma uTimm ethinta ibhola, Kuvele kuchwaze inkundla, kuzwakale abalandeli bethi ‘Miggs’. Lokhu kuyinkomba yokuthi abalandeli bamthanda ukufa uTimm.

Iningi labadlali liyafadalala uma selifike kwiPirates, uTimm uthi uyakujabulela ukudlalela iBucs ngoba kwakuyintandokazi yakhe esakhula. Uthi useyamukelile ingcindezi yokudlalela iPirates.

“Ukudlala ibhola kuqondene nomdlali. Ngifuna ukwenza kangcono, ngibonakalise ikhono lami. IBucs ingelinye lamaqembu amakhulu esengiwadlalelile.

Ngithole isipiliyoni eminyakeni edlule, ngiyakwazi kusho ukuthini ukunqoba. Kuchaza okukhulu ngoba kunenqwaba yabalandeli a bathanda iqembu.

Kunokuthi sivike ngokuthi ibheji liyasinda, ngibona kungcono ukuthi sigqugquzeleke ukuze Sizolwela izindebe eziningi kulesizini.

“Ngifuna ukuzikhandla, angeke kube lula. Kukhona abadlali abangcono endaweni engiyidlalayo. Ngithemba ukuthi ngizothola isikimu uma uma ngisebenza kanzima.

Ngiwumdlali olwela iqembu, ngiyazethemba, angikhulumi kakhulu,” kubeka uTimm.