Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi akakhumbuli iSuperSport United ibanjwa ngobhongwane ngesikhathi ibolekwa abadlali abathathu.
ISundowns yafaka umbandela okubeka kucace ukuthi labadlali angeke balubhade enkundleni mhla lamaqembu etholana.
ISuperSport yabolekwa unozinti uRicardo Goss, Thabang Sibanyoni noGrant Magerman.
UMokwena uthi kunzima ukukhombisa uzwelo kuGavin Hunt okhalaza ngomthetho onqinda ukuthi leliqembu lidlalise abadlali ababolekwe uma selibhekene neSundowns.
“Indaba yabadlali ababolekisiwe angeke isashintsha. Angikaze ngiphawule lapho, kunzima ukuthi mgizwelane neSuperSport. Ngiyamthanda uGavin kakhulu futhi ngiyamhlonipha. Kodwa usemdala kwiligi, uyazi ukuthi izinto zenziwa kanjani, uzozithola izisombuluko.
Unabadlali abaningi abasezingeni, uzokwazi ukukhanda isikimu,” kubeka uMokwena ekhuluma nabezindaba izolo.
UMokwena uthi amaqembu asuke enesikhathi sonke sokukhuluma uma exoxisana ngabadlali. Uthi iSuperSport yavuma ngesikhathi kuxoxwa.
“Ukubolekiswa kwabadlali ngalendlela akuqali ngeSundowns. Amanye amaqembu anegunya lokufaka lezivumelwano uma kuxoxwa.
ISuperSport iyona okufanele ivume uma iSundowns ibeka umbono. Akekho ophoqiwe ukuthi asayine isivumelwano uma ebona sengathi uyarojwa.
Ngiyazi ukuthi abaphathi beSuperSport basebenza kanjani. UStan ungumuntu engimhloniphayo, uyakwazi ukuphatha iqembu lakhe ngendlela,” kubeka lomqeqeshi.