Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns futhi oyinkakha yeBarcelona, uHristo Stoickhov, uthi bekungafanele itholwe wuJude Bellingham indondo yeGolden Boy ngoba akenzanga lutho olutheni kulo nyaka.
UStoichkov uthi le ndondo bekufanelwe inikezwe umdlali weBayern Munich uJamal Musiala noma u-Alejandro Balde weBarcelona.
“Bekufanele ayiwine. Usazolwela iBallon d’Or elandelayo noKylian Mbappe no-Erling Haaland, kodwa ngingathanda ukwazi ukuthi uwineni ngo-2023 kwiDortmund nakwiMadrid. Akawinanga lutho.
“Usedlale kahle ezinyange ezintathu ezedlule…kodwa yini elethwe amagoli awashayele iMadrid? Ngokwami bengizoyinikeza uMusiala noma uBalde.”
UMusiala unqobe iBundesliga neBayern ngesizini edlule, noBalde unqobe iLaLiga neBarcelona ngesizini edlule.