Ukhethe ukusihoxisa isicelo sebheyili uFaith Nongcebo Ntombela osolwa ngokubulala umyeni wakhe uCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela.

UNongcebo ubevele enkantolo yemantshi eMlazi ngoLwesithathu ebigcwele phama, esaqhubeka nokusineka into engekho njengoba ebenza nangeledlule.

Uboshwe kulandela ukukhonjwa yinkabi esigwetshiwe njengongqondongqondo ngokubulawa kukaCaptain Ntombela. Ngesikhathi iquliswa icala yavuma esolwa ngakho, yagwetshwa iminyaka ewu-20 yabe isiphenduka ufakazi woMbuso ecaleni likaNongcebo.

UNtombela, obesesebenzele amaphoyisa omkhandlu iminyaka ebalelwa ngaphezulu kuka-30, wabulawela kwakhe eMlazi ngoMay 3 kulo nyaka.

Ngeledlule umsolwa ucasule abomndeni kabi enkantolo ngendlela abeziphethe ngayo ngesikhathi evela okokuqala. Namhlanje abangani nabomndeni babuyole enkantolo bezoyigqugquzela ukuthi anganikwa ibheyili uma efaka isicelo.

UNongcebo uzobuyela enkantolo ngo-October 9 kulandela ukulaxaza isicelo sebheyile.

Khonamanjalo, okhulumela amaHawks KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo ngeledlule uveze ukuthi kusazoboshwa abanye kuleli cala.