IDA isiphumele obala ngesifiso sokunikezwa isikhundla sephini likamengameli futhi ifuna iminyango kahulumeni ewu-11 kwi-ANC. Nalu uhlu lweminyango efunwa yiqembu eliholwa wuJohn Steenhuisen.

Ngokwencwadi esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ebibhalwe wuHelen Zille, owusihlalo weFederal Council yeDA, kuhlale obala okufunwa yiDA kwi-ANC.

“Uma sikhuluma ngezikhundla okumele zitholwe yiDA kwikhabhinethi entsha singabala isikhundla sephini likamengameli. Kwenziwa kanje emazweni ahlukene emhlabeni (ukuthi iphini kube wumholi ovela kwelinye iqembu).

“Sizovuma ukudedela lesi sikhundla uma sizonikezwa iziikhundla ezimbili; esikangqongqoshe ehhovisi likamengameli, owumholi wamabhizinisi kahulumeni futhi ongena shiqi ekwakhiweni kwama-policy amasha kanye nokuqapha umsebenzi kamengameli, nesephini likangqongqoshe weziMali.

“Ukuze singalokhe siya kude, nazi izikhundla esizifunayo kwikhabhinethi:” kusho iDA, kwi-ANC, ethole amavoti amaningi kunayo okhethweni ngoMeyi 29.

Iminyango efunwa yiDA:

Ministry of Mineral Resources and Energy
Ministry of Transport
Ministry of Trade, Industry and Competition
Ministry of Higher Education, Science and Innovation
Ministry of Public Service and Administration
Ministry of Cooperative Governance and Traditional Affairs
Ministry of Justice
Ministry of Public Works and Infrastructure
Ministry of Home Affairs
Ministry of International Relations and Cooperation
Ministry of Communication and Digital Technologies

IDA iqhube yathi izofuna bonke ongqongqoshe bayo babe namaphini avela kwiDA.