I-agent yobengumdlali weKaizer Chiefs, uSifiso Hlanti, ikhala ngokunganikezwa kwakhe ithuba lokuziveza kumqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.
Ekhuluma ohlelweni iSports Night Amplified no-Andile Ncube, uSizwe Ntshangase ukhale ngendlela agawulwe ngayo kwiChiefs uHlanti abesehlale kuyo iminyaka.
“IChiefs yathi uHlanti usazobhekwa wumqeqeshi omusha. Akalitholanga ngisho ithuba lokuziqeqesha neqembu abonwe abaqeqeshi abasha ngaphambi kokuthi aziswe ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe.”
“IChiefs ibingakhulumi nami ngenkontileka kaHlanti, ibikhuluma naye ngqo. Ngokuthola kwami, uHlanti kwathiwa uyidlalele kahle iChiefs emasontweni okugcina eligi, kodwa bathi bazolinda ukuthi abukwe wumqeqeshi omusha ozothatha isinqumo ngaye.”
Okwamanje iChiefs ayikazimemezeli izindaba zabadlali abahambayo kodwa abadlali sebephumele obala bakuqinisika ohlangothini lwabo kulandela ukuvela kwemibiko yokudedelwa kukaKeagen Dolly, Siyethemba Sithebe noHlanti.
Khonamanjalo, ngokombiko weGoal ngesonto eledlule kwavela ukuthi kube nokungaboni ngasolinye phakathi kukaHlanti neChiefs ngamathizethize enkontileka entsha.