Umgadli weManchester United obolekiswe kwiGetafe FC, uMason Greenwood, usaqhubeka nokuzakhela igama eSpain njengoba ephinde waba nomdlalo omuhle ngempelasonto.

UGreenwood uvalele igoli lakhe lesithathu kwiLaLiga ngempelasonto ngesikhathi iGetafe iguqisa i-Almeria ngo 2-1 ngoMgqibelo. Ngaphezu kwamagoli, unama-assist emidlalweni ewu-10.

“Ngijabule ngamaphuzu amathathu, ikakhulukazi phambi kwabalandeli bethu ekhaya. Ngijabule ngokukora igoli lami lokuqala phambi kwabo,” kusho uGreenwood ngemuva komdlalo.

“Sizoqhubeka sibhekane nomdlalo ngamunye, sizame ukukhuphula iqembu silibeke endaweni ephezulu kwiLaLiga.”

IGetafe ikhuphukele kunombolo 8 ngemuva kokunqoba lo mdlalo. Ngesizini edlule leli qembu liqede kunombolo 15.

Indlela adlale ngayo ngempelasonto uGreenwood yenze abalandeli abaningi be-United bakhale ezinkundleni zokuxhumana njengoba kubheda phambili kwiRed Devils. Abanye bathi lo mdlali kumele abuyiswe ngesizini ezayo, kodwa kunabanye abathi akavele azihlalele azakhele umlando kwiGetafe noma kwiLaLiga.