Owayengumdlalo wePSG uJerome Rothen usesole umdlali we-Inter Miami ne-Argentina, uLionel Messi, ngokuzithwala selokhe enqobe iFIFA World Cup.
URothem ubeke kanje ngempelasonto kulandela ukusabalala kwe-video kaMessi ezinkundleni zokuxhumana engqubuzana nomdlali weReal Madrid, uRodrygo Goes, owayebasola ngokuba amagwala emdlalweni weBrazil ne-Argentina bebalekela uthuthuva olwasuka phakathi kwabalandeli enkundleni. Kulowo mdlalo uMessi wachomela uRodyrgo ngokuba wompetha bomhlaba emphendula, wangakungena ayebakhuza ngakho.
Ekhuluma ngalesi senzo uRothem uthe uMessi kancane kancane ulokhe eziveza ukuthi uwuhloboluni lukapende.
“Uma kukhulunywa ngendlela abaziphathe ngayo, ibona abahlale besusa izinkulumo. ULeo Messi uyena ohamba phambili.
“Uziphatha ngalendlela manje ngoba esewumpetha womhlaba ngemuva kokuphumula iminyaka emibili edlalela iPSG. Ubewumdlali othandekayo, useqala ukushintsha ngoba sekuyavela ukuthi uwumuntu onjani.
URothem uqhube wathi uMessi akasathinteki manje.
“Abadlali base-Argentina baveza indlela abantu bakhona abaziphatha ngayo. Bazitshela ukuthi bangcono kunabanye.”