Umdlali weManchester City, uJack Grealish, ohlale elandelwa abezindaba e-UK ngisho enza izinto ezingahlangene nebhola, usedalule ukuthi unesifiso sokuthi zimshayise ngomoya kancane izintatheli.
Lo mdlali owathengwa yiMan City ngo-$139 million esuka kwi-Aston Villa izinto azimhambeli kahle hle kumaCitizens. Ngesizini edlule lo mdlali ushaye amagoli amathathu nama-assist amathathu isizini yonke. Naku le sizini ubukeka eshizila njengoba esavalele igoli elilodwa emdlalweni eyisikhombisa.
Ngaphandle kokungahanbi kahle kwezinto enkundleni, nempilo yakhe yangasese ivamile ukunekelwa izwe lonke, ikakhulukazi uma eshaya izindawo zobumnandi.
Engxoxweni nephephabhuku laseFrance muva nje, lo mdlali uphawule kanje ebuzwa ngabezindaba e-UK:
“Kwesinye isikhathi ngiyafisa ukubacela ukuthi ake ningiyeke nje nigxile komunye, ukuze ngizogxila emsebenzini wami.”
Okunye okufake lo mdlali ngaphansi kwengcindezi ukuthi ngenkathi bebhiyozela ukunqoba isicoco sePremier League ka-2021/2022 wazwakala encokola ngoRiyad Mahrez wathi udlalisa okwaMiguel Almiron, ogijima kwiNewcastle United.
U-Almiron (28) kule sizini usevalele amagoli ayisikhombisa emdlalweni ewu-13.