Umqeqeshi waMaZulu, uRomain ‘Fohloza’ Folz, uthi akalindele ukuthi i-Orlando Pirates igxile kakhulu kumdlalo eshaywe kuwo yiKaizer Chiefs uma sebehlangana kwi-final yeMTN8 eMoses Mabhida ngoMgqibelo ngo-6.

IPirates ijabhise abalandeli bayo abaningi ishaywa ngo 1-0 kwiderby ngempelasonto edlule, ngakolunye uhlangothi uFolz unqobe okokuqala selokhe eqalile ukuqeqesha kwiPSL.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo, uFolz uthe akayiboni iPirates igxila kumdlalo odlule.

“Angiboni ukuthi imdlalo edlule izoba nomthelela kumdlalo wamanqamu. Kodwa ningasho ukuthi ngokomqondo kuzosigqugquzela thina ukuthi sinqobile, kodwa anginaso isiqiniseko salokho.

“Ungaya komunye umdlalo ngaphandle kokuzizwa ungaphansi yengcindezi yokuthi izinto azikuhambelanga kahle kumdlalo odlule.

“Engikushilo kubadlali bami nje ngaphambi komdlalo (neStellies) wukuthi umdlalo wethu wokugcina wokulungiselela ifinal.”

AmaZulu azobe edlala okokuqala kwi-final emnyakeni ewu-30.