Ulindele ukuthi ezakhe zilwele amaphuzu aphelele namhlanje umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain ‘Fohloza’ Folz njengoba Usuthu luyizwa ngendaba iwin kulezi nsuku.
AmaZulu agcine ukunqoba kwi-quarterfinal yeMTN8 ebhekene neCape Town City. Lowo mdlalo wawungo-Agasti 27, okusho ukuthi iphelile inyanga kaSeptember AmaZulu engaqobile, nakule nyanga kusabheda.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo neMaritzburg United oseMoses Mabhida namhlanje uFolz uthe kubalulekile ukuthi banqobe namhlanje.
“Silungiselele lo mdlalo njengayo yonke eminye, siyazi ubaluleke kangakanani kodwa uma ngikhuluma iqiniso nje kule league lonke iqembu liyingozi. Awukho umdlalo esiwuthatha kancane,” kusho uFolz kwi-website yoSuthu.
“Sizozinikela nakulo mdlalo njengoba sihlale senza, sifuna amaphuzu amathathu. Kubalulekile ukuthi sinqobe kulo mdlalo. Sidlalela ekhaya, siyazi lokho kusho ukuthini futhi siyethemba abalandeli bazophuma ngobuningi babo bezoseseka.”
Okuzokhuphula ithemba labalandeli boSuthu ngaphambi kwalo mdlalo ukuthi neMaritzburg United isanqobe kabili kwiDStv Premiership kule sizini futhi iseduzane nezembe. IMaritzburg isadliwe kanye kodwa emdlaweni eyishumi edlule ibhekene noSuthu kwiligi.