Umdlali weMamelodi Sundowns oyibamba noma ikuphi enkundleni uThapelo Morena uthi ulindele umdlali onzima kodwa ozoba mnandi uma sebebhekene neMarumo Gallants namhlanje eLoftus Versfeld Stadium.

ISundowns isinqobe imidlalo emihlanu kweyisithupha edlule (kuyo yonke imqhudelwano), yadlala ngokulingana kowodwa. IGallants ngakolunye uhlangothi isanqobe kanye kule sizini kwiDStv Premiership, ikunomboli 15.

“Kuhlale kuwumdlalo omnandi (ukubhekana neGallants), ikakhulukazi njengoba sekubuyele uDan khona. Istayela abadlala ngaso sizokwenza umdlalo ube nzima kakhulu, kodwa siyazi kuzomele sikhuphule izinga sibhekane nomdlalo,” kuchaza uMorena.

Lo mdlali uthe bahlaziye imdlalo edlule yeGallants ngevideo ngakho bayazi ukuthi balindeleni kuyo. UMorena ubonge abalandeli beSundowns ngokubeseka kule sizini, wacela ukuthi baqhubeke nokuza kwimdlalo.

“Siyabathanda futhi siyacela baqhubeke nokugcwalisa inkundla, basinikeza umfutho namandla uma besiculela sidlala,” usho kanje.

Uma inqoba lo mdlalo iSundowns izobuyela esicongweni seDStv Premiership.