Umqeqeshi waMaZulu FC uRomain ‘Fohloza’ Folz usezwakalise ukungenami ngokugeja kwezakhe kulandela ukushaywa yiTS Galaxy ngo 2-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uFohloza uphinde wakhala ngokugeja kwabadlali bakhe, okuyinkinga enkulu kuSuthu kule sizini.

“Sishaye amashodi awu-16, amabili aya kunozinti wabo, bashaye amashodi awu-4, bakora kabili. Thina sikore kanye….siyafika ezindaweni eziyingozi kodwa siyahluleka ukuvalela amathuba. Ngeke sisole omunye umuntu ngalokhu ngaphandle kwethu. Sibaphile iwin,” kusho uFohloza.

“Angikukholwa ukuthi sikore igoli elilodwa kwinqaba yamathuba esiwakhile. Angineme neze ngendlela esigeja ngayo phambili.”

AmaZulu kule sizini asakore amagoli awu-19 kwimdlalo ewu-20. Nangesizini edlule abebhekene nenkinga efanayo njengoba evalele amagoli awu-24 isizini yonke.

Usuthu luzobhekana neRoyal AM ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eMoses Mabhida Stadium.