Obengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uFadlu Davids, uthi kumvule amehlo ukuqeqesha isikhashana eRussia nakuba esheshe wadedelwa kulandela ukuxoshwa kukaJosef Zinnbauer.

Ekhuluma neMetro FM lo mqeqeshi uthe ngisho ngabe kuthiwa wayazi ukuthi uzohlala isikhathi esingaphansi kwenyanga kwiLokomotiv Moscow wayezoya. Uthe ngokwakhe ubesafise ukuthi banikezwe ithuba lokujika izinto ngoba leli qembu ligcwele abadlali abancane ngokweminyaka abasazofunda.

“Ngiyabagqugquzela abaqeqeshi baseNingizimu Afrika ukuthi bathole iziqu zokuqeqesha eziphambili ukuze bezokwazi ukuthola amathuba okusebenza phesheya…”

Ebuzwa ngokuthi uyafesa yini kuleli uphendule kanje: “Anginankinga nakho, kodwa izingxoxo kumele ziqale kwi-agent yami kuqala. Ngiyiyalelile ukuthi ingithinte uma seziphothulwa izingxoxo,” usho kanje.

Inkulumo kaDavids yenza kusolise ukuthi akhona amaqembu ePSL aseke athinta i-agent yakhe ngokumqasha.