Umqeqeshi weBarecelona uXavi uthi leli qembu akulifanele ukudlala kwi-UEFA Champions League uma lisahlulekwa ukushaya i-Inter ekhaya. UXavi usho kanje ngemuva kokubambana ne-Inter ngo 3-3 eCamp Nou izolo ebusuku kumdlalo abebedinga ukuwunqoba ukuze baqinise amathuba okuhlala kwiChampions League.

Umphumela wayizolo usho ukuthi iBarcelona isizodinga ukuthi i-Inter idliwe kwimdlalo yayo esele kuGroup C ukuze iyivulele ithuba lokuthatha indawo yesibili.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uXavi uthe akubafanele ukudlala kwiChampions League kule sizini nakuba bethenge ukhilimu wabadlali.

“Uma uhluleka ukushaya i-Inter ekhaya, akufanele ngabe udlala kulo mqhudelwano. Ngesizini edlule besishoda kancane, kodwa kule sizini siqinile. Sidliswe amaphutha ethu.

“Ngiphoxekile kakhulu, ngicasukile. Kumele ngizigxeke nami, akusifanele ukudlala kwiChampions League. Kubuhlungu kodwa ngikhuluma iqiniso,” kusho uXavi.

Ngempelasonto iBarcelona izobhekana neReal Madrid kwi-El Clasico.