Owayengumsakazi weGagasi FM uDJ Warras uthi yena wayebhala uR2,800 ngehora kwiGagasi FM elisematheni kulezi nsuku kulandela udaba lukaPenny Ntuli okhale ngomholo kulesi siteshi.
UWarras uke wasebenza ohlelweni lwantambama noNomalanga Shozi kwiGagasi kanti useveze ukuthi ngaleso sikhathi wayehola u2,800. Ubephendula umlandeli ombuze ngomholo wakhe kulesi siteshi njengoba uPenny esanda kuveza ukuthi uyashiya kulesi siteshi ngoba besihlela ukumholela uR2,800 ngenyanga uma evuselela inkontileka.
R2800 per hour Bafo. 🙏🏼 https://t.co/9lzw90il80
— Warras (@Shady_Lurker) March 25, 2024
UWarras usewumethuli we The Shady Phodcast kuYouTube engaphansi kwesiteshi iThe Real Network.
Kuleli sonto uMaNtuli ushicilele isitatimende ekhasini lakhe kuFacebook nakwi-Instagram lapho aveze khona ukuthi iGagasi belifisa ukumgcina, inkulumo yaphambana sekuvela umholo.
“Ukuqinisekisa ‘amahlebenzi’, yebo ngiyashiya emsebenzini. Bekuyisikhathi sokuvuselela izinkontikela, nganikezwa ithuba lokubuya. Ngivumile ukusebenza ohlelweni olusha konakala sengitshelwa ukuthi ngizohola uR2,800 ngenyanga. Le mali ayikho kude kwimali ebengiyihola eminyakeni emibili edlule.