Umdlali omusha weKaizer Chiefs, uThatoyaone Ditlhokwe, useveze ukuthi akayisabi ingcindezi eza nokudlalela iqembu elikhulu njengaMakhosi.

UDitlhokwe, obeyingxenye yeqembu leSuperSport United eliqede kunombolo 3 kule sizini, uzojoyina iChiefs njengoba isiphelile isizini.

Engxoxweni nezintatheli emcimbini wama-awards eSuperSport izolo uDilthokwe uveze ukuthi usekulindele ngabomvu ukusebenza ePhefeni.

“Engingakutshela khona nje ukuthi ngiwukapteni weqembu lesizwe, ngidlalela iqembu lesizwe futhi ngiqale ukuba wukapteni eqenjini lesizwe ngineminyaka ewu-21. Angiboni ukuthi ikhona enye ingcindezi enkulu engisazobhekana nayo edlule leyo,” kusho lo mdlali.

Ngaphandle kwakhe omunye umdlali okulindeleke ukuthi ajoyine iChiefs wuMduduzi Mdansane weCape Town City FC.