Umdlali weChelsea FC uCole Palmer usephendule imibiko emkhomba kwiManchester United abazobhekana nayo namhlanje kowePremier League.

UPalmer, ongomunye wabadlali abamqoka kwiChelsea noma ehlelwe wumgqigqo kule sizini ngenxa yokulimala, sekunesikhathi kubikwa ukuthi ukhumbule ekhaya eManchester njengoba ekhulele khona.

Njengoba kulindeleke ukuthi kuhambe uBruno Fernandes ekupheleni kwesizini uPalmer ungomunye wabadlali obekubalwa igama lakhe uma kukhulunywa ngabadlali abangavala isikhala sakhe kwi-United.

Engxoxweni neThe Guardian nokho uPalmer uthe akulona iqiniso ukuthi ufuna ukubuyela eManchester.

“Abantu bavele bakhulume nje. Uma ngibona le mibiko ngivele ngihleke,” kusho uPalmer onenkontileka ephela ngo-2033 kwiChelsea.

“Isekhaya eManchester. Umndeni wami wonke uhlala khona, kodwa angiyikhumbule. Ngivame ukuyikhumbula uma kudlula izinyanga ezintathu ngingavakashile…noma sengikhona, akukho lutho olutheni vele.”

IManchester ivame ukubalwa njengenye yezindawo ezibhorayo e-UK ngoba kuhlale kunetha. Ngenye yezinto ezaxosha u-Angel Di Maria khona ngesikhathi edlalela i-United isikhashana.