Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ushayele abadlali bakhe ihlombe ngendlela abadlale ngayo ukuze bafinyelele kowamanqamu weCAF Champions League.
ISundowns izolo ishaye i-ES Tunis ngo 1-0 (agg 2-0) emlenzeni wesibili wesemifinal, yazibekisela indawo kowamanqamu. Izobhekana ne-AS FAR yaseMorocco.
Okwesibili kulandelana uCardoso efaka iDowns kowamanqamu njengoba akwenza nangesizini edlule bashaywa yiPyramids.
“Namhlanje umdlalo unqunywe yipenalty kodwa bekusifanele ukunqoba umdlalo. Sidlale ibhola elisezingeni eliphezulu namhlanje. Imidlalo yeChampions League kufanele idlalwe kanje,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Kunezikhathi la okufanele uvale khona emuva, kodwa akufanele ukhohlwe ukuthi kunegoli phamboli elingakunikeza ithuba lokulawula umdlalo.
“Ngijabule kakhulu ukuthi sengifake leli qembu kowamanqamu okwesibili. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami, ngiyaziqhenya ngeDowns.”
๐ โ๐ธ๐ฝ โ๐๐๐๐ก๐๐ ๐๐ค ๐๐๐๐๐ฆ๐ ๐
— SABC Sport (@SABC_Sport) April 18, 2026
๐ฃ๏ธ "๐ ๐ข๐ฎ ๐ด๐ฐ ๐ฑ๐ณ๐ฐ๐ถ๐ฅ"
Mamelodi Sundowns coach Miguel Cardoso is very happy to have advanced to the #TotalEnergiesCAFCL final once again after beating Espรฉrance in Tshwane! #SABCSportFootball pic.twitter.com/do0nUZRCcZ