Umqeqeshi waMaZulu uPablo ‘Cijimpi’ Martin ubona kuyibhadi ukungabizwa kukaTaariq Fielies esikwatini seBafana Bafana ezodlala kwi-AFCON ese-Ivory Coast kule nyanga. 

UFielies ungomunye wezitobha ezishaya into ecokeme kwiDSTV Premiership kusukela ejoyine Usuthu kusaqala isizini esuka kwiCape Town City. 

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uqoke ukubiza uSiyanda Xulu, Nkosinathi Sibisi noMothobi Mvala kubadlali basemuva. 

UFielies ubesohlwini lwabadlali abangu-50 abekade bebukelwa eduze uBroos kodwa usale ngaphandle sekuncishiswa isikwati.

USibisi noXulu bashaya udaka emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngesikhathi iBafana ihlulwa iRwanda ngo 2-0 enkundleni eyayigcwele amanzi. 

UXulu umiswe kabi u-Ime Okon, Bilal Baloyi noThulani Hlatshwayo kwiSuperSport United. USibisi uthwele kanzima kwiBucs selokhu kubuye u-Olisah Ndah obelimele. 

UCijimpi uthi ubelindele ukubona igama likaFielies esikwatini sokugcina. 

“Angikhulumeli uTarra kuphela kodwa kunabadlali abangu-13 abangabizwanga ngenxa yebhadi. Isikwati siqukethe abadlali beSundowns nePirates kodwa sakwazi ukumelana nabo emidlalweni edlule. 

Angiphiki ukuthi abadlali ababiziwe basezingeni, ngiyafisa ukubaqeqesha nami. Ngibona likhona ithalente eqenjini. Abadlali bakwazile ukudlala ibhola elihle, babuya nemiphumela emihle yize besibhekene namaqembu amakhulu,” kubeka uCijimpi ekhuluma nabezindaba. 

AmaZulu azomelwa unozinti uVeli Mothwa kwi-AFCON. UMothwa uthwele kanzima oSuthwini njengoba unozinti osemncane u-Olwethu Mzimela ezitamuzela isikimu kulezinsuku.