Umqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp usegxeke umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka ngokuqalisa u-Andile Mpisane emdlalweni weligi bedlala nomkhaya AmaZulu. 

UMpisane ubeqala ukugijima esigabeni seDSTV Premiership kulesizini. Lomdlali ukhishwe sekuzoqala isiwombe sesibili kulomdlalo onqotshwe AmaZulu ngo 3-0. 

UMpisane, onguSihlalo weqembu, ujwayele ukubonakala kwiDSTV Diski Challenge, okuyisigaba samaqembu amancane. 

UMiddendorp uthi ukudlaliswa kukaMpisane kuthunaza isithunzi seligi.

“Kuyahlambalaza okwenzeke emdlalweni weRoyal AM naMaZulu. Kufanele silindele ukubona uBobby (Motaung) elihlikihla enkundleni ngoba kumfanele ukudlala, unomzimba omuhle. Kubukeka engayimela iKaizer Chiefs esiwombeni esisodwa. 

“Ngiyaphoxeka njengomqeqeshi, uyaphoeleka ukuvikela umdlali. Kufanele uthi ungumqemane, ukhombisa izinga elihle ejimini. Sibhekene nezingqinamba eziningi kwiligi kodwa okwenzeke kulomdlalo kuyinhlekisa,” kuchaza uMiddendorp ekhuluma nabezindaba. 

ISpurs sihlulwe ngo 2-0 sibhekene neCape Town City kowomkhaya ngeSonto. Lomphumela uyicindezele iSpurs esahleli emsileni namaphuzu amane.