ICape Town City itholakale inecala lokusayina isivumelwano nabaxhasi abasha ngaphambi kokuthola imvume kwiPremier Soccer League (PSL).
Ikomidi lePSL eliqondisa izigwegwe liyihlawulise u-R50 000 ngoMsombuluko. Uhhafu wemali (R25 000) uzoxegiswa iminyaka emibili. ICity iyalelwe nokuthi ikhokhele izindleko zokuqulwa kwecala.
ICity ihlawuliselwa ukuthi yamemezela abaxhasi abasha okuyinkampani uFirst National Bank (FNB) ngaphambi kokuthola imvume kwiPSL.
Imithetho yeNSL ikubeka obala ukuthi kufanele uthole imvume kwiPSL ngaphambi kokumemezela abaxhasi abasha.
Umshushisi wePSL uZola Majavu ubeke kanje:
“ICape Town City ivele phambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe namuhla, izophendula ecaleni lokuthola abaxhasi abasha okuyibhange ekubeni ingayitholanga imvume kwikomidi eliphezulu lePSL.
ICity iliphikile icala, kodwa itholakale inecala ngemuva kokulalelwa kwabammeli. Ihlawuliswe u-R50 000, uhhafu ozoxegiswa ezinyangeni ezingu-24 ngokombandela wokuthi leliqembu alisiphindi Isenzo esifanayo nalesi eminyakeni emibili.
ICity iyalelwe nokuthi ikhokhe izindleko zecala ezibalelwa ku-R100 000. IPSL izoqedela izingxoxo, ithumele isitatimende semali kwiCity,” kubeka uMajavu.
ICity yamemezela abaxhasi abasha ngomhlaka 1 ku-Agasti.